UBUKEKA sengathi unguphunyuka bemphethe usomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi "Cat" Matlala, njengoba esagwetshwe ngecala elilodwa kwangaphezu kweshumi aseke wawaboshelwa.
Uxhaxha lwamacala aseke abhekana noMatlala lufundwe ngesikhathi evele phambi kwekomiti lasePhalamende eliphenya izinsolo ezenziwa wuKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi.
Uhlu lwamacala olufundwe yilungu leDA, u-Advocate Glynnis Breytenbach, luveze ukuthi phakathi kuka-2000 no-2018 uMatlala waboshwa kwaze kwaba yizikhawu ezingu-13.
Oxhaxheni lwamacala aboshelwa wona kukhona awokubamba inkunzi kuhleliwe, owokuntshontsha izimoto, awokugqekeza, elokushaya, nelokutholakala nempahla entshontshiwe.
Linye icala elamgweba uMatlala, okungelokutholakala nempahla entshontshiwe.
Kukhona futhi lapho uMatlala akhishwa phambili kuhoxiswa wonke amacala.
U-Advocate Breytenbach, ufune ukwazi ukuthi kungani lilinye kuphela icala agwetshwa ngalo uMatlala.
"Kuyamangaza ukuthi kule nqwaba yamacala osuke wabhekana nawo linye kuphela elakulahla."
UMatlala uthe akayiboni into esolisayo ngokuhoxiswa kwamanye amacala.
"Ngabe kwakufanele ngigwetshwe kulawa amanye amacala? Ukuhoxiswa kwamacala…