IMANGELE inhlangano ephakela izikole KwaZulu-Natal, iNational School Nutrition Programme Service Providers, ngesinqumo soMnyango wezeMfundo esifundazweni, sokukhipha isekhula eyazisa ngokunqanyulwa kwezinkontileka zabaphakayo, ekubeni lungaqaliwe uhlelo oluthinta izikhalazo ngabazoqokwa ukwenza lo msebenzi.
Le nhlangano ikhala ngokuphanga umdaka izulu linganile eMnyangweni, ngoba ibisalinde lolu hlelo lwezikhalazo kodwa kwakhishwa le sekhula ethi ekupheleni kukaMashi nonyaka, ziyanqanyulwa izinkontileka zabenza lo msebenzi.
Usihlalo wenhlangano, uMnuz Lindani Matiwane, uthe ngokwazi kwabo zingaphezu kuka-700 izikhalo ezifakwe nyakenye, ngezinto ezingahambanga kahle ngokuqokwa kwabazophaka uma sekuphele inkontileka.
"Kuningi ukuphulwa kwemigomo okwenziwa wuMnyango ngoba besisabhalele uMnyango kaMgcinimafa, sibuza ngokuqala kohlelo lwezikhalazo njengoba kunolwazi owezeMfundo okwakumele uze nalo, owawuthe luyashoda," usho kanje.
Uthe bayazibuza ukuthi yini inhloso yale sekhula ekubeni kusanohlelo lwezikhalazo olungaqalile?
"Siyazibuza ukuthi yini ephusha iNhloko yoMnyango (Mnuz Nathi Ngcobo), ukuphula imigomo kaMgcinimafa noNdunankulu wesifundazwe (Mnuz Thami Ntuli), wokuthi kumele…