UVEZE ubufakazi obusha ayengabuvezanga kwisitatimende esifungelwe sokuvuma icala, uNongcebo Faith Ntombela, ecaleni lokubulawa komyeni wakhe, owayeyiphoyisa eMkhandlwini weTheku, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela.
Umufi kuzokhumbuleka ukuthi wadutshulwa wabulawa esigamekweni esenzeka esemzini wakhe, kwaS, eMlaza, ngoMeyi 3, 2024. Waphuthunyiswa esibhedlela eSiphingo Medical Towers, okuyilapho okwafike kwamenela khona.
Ngemuva kwalokho, uFaith, uthishanhloko waseMpumulwane Primary KwaMaphumulo, uMnuz Sithembiso Khumalo, bakhalelwa ngamaSongo kasiGonyela ngaleli cala. UFaith udonsa isigwebo sikadilikajele ngaleli cala, uKhumalo ungaphandle ngebheyili. Kwavela negama lenkabi evele idonsa isigwebo sikadilikajele ngelinye icala, uKhulani Cele.
Izolo, eNkantolo eNkulu yaseThekwini, bekungokokuqala ukuba uFaith angene ebhokisini athule ubufakazi. Uveze ukuthi konke kwaqala ngesikhathi eba nokuxhumana noCele, owahubhuza amanga ezibiza ngokuthi uyisikhulu esiphezulu se-African National Congress (ANC), uMnuz Siboniso Duma.
Utshele inkantolo ukuthi bebejwayele ukukhuluma noCele ezinkundleni zokuxhumana, engazi ukuthi kanti ukhuluma nenkabi edonsa isigwebo sikadilikajele.
''Ngelinye ilanga,…