UMENGAMELI we-SA Rugby, uMark Alexander, uncome abadlali bakuleli abayisithupha abaqokelwe kwi-World Rugby Men’s 15s Dream Team ka-2025.
UMalcolm Marx, omenyezelwe njengomdlali ovelele emhlabeni ngoMgqibelo, kanye nozakwabo uPieter-Steph du Toit, Ox Nche, Thomas du Toit, Sacha Feinberg-Mngomezulu noCheslin Kolbe, bonke bangenile kuleli qembu elimenyezelwe yi-World Rugby izolo.
Iqembu lakuleli lidlale kahle kulo nyaka njengoba linqobe imidlalo engu-11 kwengu-13 eliyidlalile. Lizosonga isizini ngokubhekana neWales ePrincipality Stadium, eCardiff. ngoMgqibelo.
Kulo nyaka iqembu lakuleli livikele izicoco zeRugby Championship, Freedom Cup neNelson Mandela Challenge Plate njengoba lisayinqobe yomine imidlalo eliyidlale neJapan, France, Italy ne-Ireland ohambweni lwaphesheya.
"Ngithanda ukuhalalisela uMalcolm, Pieter-Steph, Ox, Thomas, Sacha noCheslin. Ngikhulumela iSA Rugby yonkana. Ukubona amaBhokobhoko angaka eyingxenye yaleli qembu kuyimpumelelo enkulu. Kuwubufakazi bezinga labadlali esinabo eNingizimu Afrika," kusho u-Alexander.
"Siyi-SA Rugby siyaziqhenya kakhulu. AmaBhokobhoko awuphawu lwesingakuzuza njengezwe uma sisebenza ngokubambisana.”…