QEMBU lesicathamiya eligabe ngezindondo ezinhlanu zamaGrammy, iLadysmith Black Mambazo, lizokhipha inqophamlando ye-albhamu entsha eliyenze ngokuhlanganyela noMbuso Khoza noNduduzo Makhathini ngesonto lokuqala kuDisemba.
Le albhamu, i-One World, One Voice, phambilini kwakuthiwe izophuma ngo-Okthoba, kodwa yabuye yabambezeleka.
Ngempelasonto, iMambazo ibiqhuba umjikelezo wayo wamakhonsathi ePlayhouse, eThekwini, ngoMgqibelo nayizolo.
Izwise abalandeli ingoma efolosa ngayo kwi-albhamu ethi You Make Me Happy. Omunye wabacula phambili, uSibongiseni Shabalala, unxuse abantu ukuthi babeseke ngokuyilalela ezinkundleni zomculo za-online futhi balindele ne-albhamu.
Imenenja yeqembu, uXolani Majozi, ithe izophuma ngesonto lokuqala kuDisemba.
“Sihlele ukuthi sibe sesenza umjikelezo noMbuso noNduduzo yingakho bengekho kulo mcimbi ngoba lona ngowokugubha iminyaka engu-65 kwasungulwa iMambazo. Ngesikhathi iqembu ligubha iminyaka engu-60, sathatha isinqumo sokuthi minyaka yonke selizoba nomjikelezo ezweni ukuze lixhumane nabalandeli,” kusho uMajozi.
Baqale eGoli ngoMeyi, badlulela eKapa ngo-Okthoba, njengoba bebeseThekwini nje. NgoNovemba 29 nangomhlaka 30,…