UME nse ukufunda esikoleni esidume ngemiphumela emihle ka-matric eNkandla, iBizimali High, abafundi bebhikishela ukuphepha emakotishi abaqashe kuwo, bekhala ngokudlwengulwa kozakwabo. Ngokuthola kweSolezwe, zibalelwa kwezinhlanu izigameko zokudlwengulwa kwabafundi balesi sikole ezenzeke ukusuka emasontweni ambalwa edlule.
Lezi zehlakalo zisukumise noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, oyalele amaphoyisa ukuthi abophe abasoleka kulezi zehlakalo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Philani Ngubane, lithe kulezi zigameko ezibikwayo, lona likhumbula ezimbili.
“Esakamumva senzeke phakathi nesonto eledlule, lapho umfundi oqashe komunye wemizi eyakhele isikole, ephume waya ethoyilethi elingaphandle entathakusa ngabo-4, ekhishwa yisisu. Kuthe esephuma kulo, esebuyela ekotishi lakhe, wathola umsolwa esemlinde ngaphandle, wamdlwengula,” kusho uNgubane.
Uthe kwesinye esandulela leso, kube ngesabafundi ababili, abangenelwe wumsolwa ekotishi labo, wabaqhuba ebayisa ehlathini.
“Lo osindile, agcine engakwazanga ukumdlwengula, ukwazile ukulwa naye, waphunyuka, wabaleka namanxeba okulinyazwa. Lo ongakwazanga ukuphunyuka,udlwenguliwe,” kusho uNgubane.
Uthe kuzo zonke izigameko ezibikwayo,…
