UKUQHUBEKA nokubhoka kwesifo sofuba esiqhubeka nokubulala inqwaba yabantu emhlabeni jikelele kubalwa neNingizimu Afrika, ngesinye sezizathu ezinqala ezenze iziphathimandla zezempilo kuleli zanquma ukuhlangana namanye amazwe anale nkinga ukucwaninga ngokuthi kungenziwanjani ukuzama ukusinqoba.
Lokho kudalulwe wuNgqongqoshe wezeMpilo ezweni uDkt Aaron Motsoaledi, esithangamini nabezindaba ebesiseSandton, eGoli izolo. Uzwakalise ukukhathazeka ngokuthi leli zwe likwayisikhombisa abhekene nengwadla yalesi sifo - okukhona kuwona iZambia, Malawi, Kenya, Mozambique, Indonesia neVietnam.
“Lezi yizindaba ezimbi kakhulu nezidinga ukuthi kube khona okwenziwayo ukuzilungisa, yingakho sesinqume ukuhlangana nala mazwe ukubheka ukuthi singabambisana kanjani ukucwaninga, siqhamuke nezixazululo zokuzama ukunqoba lesi sifo, nokwenza ukuthi isimo sibe ngcono - esibheke ukuthi imizamo yesizokwenza manje ibe isiqala ukuthela izithelo ngo-2027 uma sesikhipha umbiko wokuqala wesizobe sesikwenzile,” kusho uMotsoaledi.
Eqhuba, uthe kuyakhathaza ukuthi isifo sofuba sisalokhu siqhubeke njalo nokubhebhetheka, njengoba ucwaningo lwabezempilo lusanda kubavezela ukuthi u-80%…