AMAZWE ayizikhondlakhondla ase-Europe, aseka iNingizimu Afrika, olakeni lukaMengameli waseMelika, uDonald Trump.
I-Germany, France, ne-Italy nenhlangano yamazwe ase-Europe, i-European Union (EU), bathe bazwelana neNingizimu Afrika, esanda kuhlaselwa ngamazwi nguTrump.
UTrump usanda kuhoxisa uxhaso lwezigidi zamarandi olutholwa yiNingizimu Afrika, ngenxa yomthetho omusha wokuthathwa komhlaba nezakhiwo osanda kusayinwa nguMengameli wezwe Cyril Ramaphosa.
UTrump uthe elakuleli lithatha umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, uphinde alisole ngokunyathela amalungelo abathile.
Amanxusa asemazweni ase-Europe, athe iNingizimu Afrika, iyizwe elihlonipha amalungelo. Lokhu akusho kwi-vidiyo ayifake enkundleni yezokuxhumana, i-X.
Iphini lenxusa le-EU, uMnuz Pencho Garrido Ruiz, lithe bazokuma neNingizimu Afrika kulezi zikhathi ezinzima.
URuiz uthe bazoyeseka iNingizimu Afrika, ikakhulu ngoba izosingatha umhlangano wamazwe angaphansi kwe-G20, ngoNovemba.
“INingizimu Afrika ihwebelana kakhulu namazwe angaphansi kwe-EU. Amazwe angaphansi kwe-EU anezinkolelo ezifanayo nezeNingizimu Afrika. Yingakho sithi iNingizimu Afrika ingathembela kithina. Sizobaseka kwi-G20, nangemva kwe-G20. NjengeNingizimu Afrika,…