ASABISE ngokuthi bazoqhubeka nemibhikisho enodlame, bavale imigwaqo futhi bashise uma bengahlinzekwa ngentuthuko abahlali basemijondolo yaseNew Germany naseResevoir Hills, eThekwini.
Banqumele uMasipala iTheku izinsuku eziyisikhombisa ukuthi ubaphendule ngentuthuko owawubathembise yona.
Lokhu bakutshele iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, embizweni yomphakathi ebisenkundleni yezemidlalo, iSiripat, eReservoir Hills izolo.
Bafuna ukwakhelwa izindlu namathoyilethi, bafakelwe ugesi namanzi, baqoqelwe udoti futhi babonelelwe ngemisebenzi.
Batshele uKaunda, obephelezelwe ngamakhansela amathathu nezikhulu zomkhandlu, ukuthi sebelinde isikhathi eside, kwanele manje.
Kuba khona le mbizo nje ngoLwesibili olwedlule abahlala emijondolo eNew Germany bavuke indlobane bangenela umbhikisho onodlame bavala thaqa izintuba ezingenayo neziphumayo kule ndawo.
Ilungu lomphakathi, uMnuz Thabani Majozi, lithe balinganiselwa ezinkulungwaneni ezine abantu abahlala emijondolo endaweni yabo kodwa
basebenzisa amathoyilethi amabili nawo axhuthayo.
"Saqanjelwa amanga kwathiwa indawo esihlala kuyona inamanzi, ngeke sakhelwe izindlu. Emuva kwalokho sabona sekwakhiwa inxanxathela yezitolo, izikole,…