SOSHA elisolwa ngokudubula libulale umkalo, litshele iNkantolo yesiFunda sasePinetown, izolo ukuthi wazidubula yena, wafa.
Lokhu kuza njengoba uMnuz Lwanda Mxolisi Zungu, ethula ubufakazi phambi kwenkantolo ngecala lokufa komkakhe, uNkk Tania Zungu.
UNkk Zungu wadutshulwa wafa ekhaya labo elisePinetown, ngoJanuwari 3, 2024.
UZungu utshele inkantolo ukuthi ngokusuku lwesigameko, umufi wazidubula ephindelela kwaze kwaba kasishiyagalombili.
UZungu ubehlonywa imibuzo umshushisi woMbuso, uMnuz Rowan Souls. Ethula ubufakazi bakhe, uZungu uthe wezwa umkakhe ekhokha isibhamu sakhe, ngesikhathi ematasa ecinga amateki okojima.
Uthe ngesikhathi esifanayo, umkakhe washo ngengila, ememeza unina, naye owayekhona endlini, ethi uZungu uyamhlasela.
Ngokusho kukaZungu, wagxumela embhedeni ukuzivikela, eqinisekisa ukuthi umbhobho wesibhamu wawungabhekile ngakuye.
Uthe umbango wesibhamu wasuka khona embhedeni, kwathi kuso leso sixakaxaka, isibhamu saqhuma.
Ugcizelele eyokuthi akazange yena asicindezele lapho esidubula khona isibhamu kodwa wehluleka ukusho ukuthi ubani pho owadubula kasishiyagalombili.…