IKHALE ngokusala nosizi nokhwantalala okungapheli, kulandela ukubulawa ngesihluku kukanina, indodakazi yommeli okuthiwa wagwazwa wabulawa umyeni wakhe, oyiphoyisa likaMasipala weTheku, ngoJulayi nyakenye.
Ummeli, uNkk Thandokuhle Sishi (48) kuthiwa wagwazwa wabulawa umyeni wakhe, uSenior Constable Qiniso Thulasizwe Sishi (41), emzini wabo oseWoodhaven, eMontclair, ngoJulayi 25, 2025.
Indodakazi kamufi, uNksz Aphiwe Mkhize (19), ikhiphe okusenhliziyweni eNkantolo eNkulu yaseThekwini, ngesikhathi yethula ngomlomo ubufakazi bokuthi ukubulawa kukanina kube nomthelela omubi kangakanani empilweni yayo.
USishi walivuma icala lokubulala umkakhe ngoFebhuwari nonyaka, nokuyilapho aveza khona ukuthi wamgwaza amahlandla ayisithupha.
UNksz Mkhize uthe yamkhahlameza ngokuphindaphindiwe indaba yokuthi abone isidumbu sikanina ngosuku lwesigameko. Uthe uyazikhumbula engakwazi ukusiza unina, njengoba uSishi wavele wabhoka ngolaka ukuthi asondele kunina ememeza, ecela usizo.
“Namanje ngisahlale ngiwucabanga lowo mzuzu empilweni yami,” kusho uNksz Mkhize.
Utshele inkantolo ngobuhlungu bokubamba isandla sikanina, emncenga ukuthi avuke. “Akazange…