ININGIZIMU Afrika izomelwa yiqembu eliqinile kumaWorld Athletics Relays azoba seGaborone, eBotswana, ngenyanga ezayo.
Inhlangano eyengamele ezokusubatha kuleli, i-Athletics South Africa, imemezele uhlu lwabadlali abazoya kulo mqhudelwano ozobe ubanjelwe ezwenikazi i-Afrika okokuqala ngqa, olubophele abagijimi abanamava.
Iqembu lakuleli laphuma phambili eGuangzhou, eChina, ngonyaka odlule lapho lanqoba khona igolide kwabesilisa ku-4x100m no-4x400m, lathola nethusi kwabesifazane ku-4x400m.
UBayanda Walaza, Sinesipho Dambile, Bradley Nkoana no-Akani Simbine yibona abadla umhlanganiso ku-4x100m ngo-37.61.
Kulokhu uzobuya uDambile, Nkoana, Simbine, besahambisana noRetshidisitswe Mlenga benoTsebo Matsoso, bese kwengezwa eCheswill Johnson njengoba uBayanda Walaza engekho.
Iqembu le-4x400m elalibophele uGardeo Isaacs, Udeme Okon, Leendert Koekemoer noZakithi Nene laphuma phambili kowamanqamu ngo-2:57.50.
Nalo alishintshile kakhulu kulo nyaka kwazise basekhona o-Isaacs, Okon, Koekemoer, Nene noLythe Pillay owayeyingxenye yeqembu ngonyaka odlule, kwase kufakwa noWayde van Niekerk, ophethe irekhodi lomhlaba ebangeni lika-400m.
Iqembu labesifazane le-4x400m…