IYAZISOLA inkabi, uMzo Ntombela, eyadubula yabulala iphoyisa loMkhandlu weTheku, uCaptain Zwelakhe Thomas Ntombela, esigamekweni esenzeka kwa-S, eMlaza, ngoMeyi 3, 2024.
Kuzokhumbuleka ukuthi umufi wadutshulwa esemzini wakhe waphuthunyiswa eSiphingo Medical Towers, okuyilapho okwafike kwamenela khona. Ngemuva kwalokho, amaphoyisa athola umkhondo agcina ebophe uNtombela (Mzo), obethula ubufakazi izolo.
Eseboshiwe, uNtombela (Mzo), icala lakhe alizange liqulwe ngoba walivuma, wase echakida abanye ayenabo ngesikhathi setulo. Wagwetshwa iminyaka engu-20 ngaleli cala kanti wathusa abaningi ngesikhathi edalula ukuthi kuleli tulo kwakukhona nenkosikazi kamufi, uNkk Faith Ntombela, odonsa esikadilikajele ngaleli cala, uthishanhloko waseMpumulwane Primary KwaMaphumulo, uMnuz Sithembiso Khumalo nenkabi eyesatshwayo KwaZulu-Natal kodwa evele idonsa isigwebo sikadilikajele ngelinye icala, uKhulani Cele.
Ngaphambi kokuba uNtombela athule ubufakazi njengoba bekuvela uKhumalo noCele, inkantolo ibafundele amacala abo. UKhumalo uwaphikile wonke amacala okungelokuhlela ukubulala nelezibhamu kanti ungaphandle ngebheyili kwathi uCele walivuma elokuhlela…
