KUYAKHATHAZA ukwanda kwezigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, okwenziwa ngabesilisa, ikakhulu abasuke bazana nababagilayo.
Usho kanje umbhali wezincwadi uLungile Dlamini, elandisa Isolezwe ngencwadi yakhe entsha esihloko sithi, Zikhona Izinsizwa Lapha Ngaphandle, adalule ukuthi iyindlela yakhe yokusebenzisa ubuciko ukukhuza udlame olweyamene nezobulili.
ULungile udalule ukuthi le ncwadi yakhe eqale ukudayisa ngoDisemba nyakenye, ingeyesibili njengoba yelama eyokuqala ethi: And Give Us This Day, Our Daily Hopes, yona eyaphuma ngo-2024, waze waqokwa ngayo kumaSouth Africa Literary Awards, emkhakheni we-First Time Published Author.
“Lena yamanje ngiyibhalele ukuveza ngokusobala ukuthi izigameko zokuhlukunyezwa kwabantu besifazane, behlushwa ngabantu abasondele nabo okumele ngabe yibona ababavikelayo, kuwuphazamisa kanjani futhi kangakanani umphakathi,” usho kanje.
Eqhuba, uthe le ncwadi ixoxa indaba yomlingisi oqavile obizwa ngoMandlenkosi Ngubane, okhule ngezikhathi zobandlululo, okuthe esebuyela ekhaya ukuyohlala nomndeni wakhe, waqala lapho ukukhombisa izenzo zodlame ezinganeni nakumkakhe, okuhamba…