BEKUKUHLE kudelile emgcagcweni weNkosi yaseMacambini, uMthokozisi Mathaba nentokazi yasebukhosini bakwaMadlebe, eMevamhlophe, eMpangeni, uSinqobile Zungu.
Abantu bebebulala inyoka kwazise bebeliqhamukisa ezifundeni ezehlukene zaKwaZulu-Natal. Bewufanele ukudonsa amehlo amaningi lo mshado njengoba bekushada izingane zamakhosi ahlonishwayo kulesi sifundazwe.
Inkosi uMathaba, iyindodana yenkosi eyayisilomo futhi eyakhothama ngo-Agasti 9, 2014, ngenxa yengozi yemoto, uKhayelihle Mathaba, ekubeni noSinqobile eyindodakazi yeNkosi uZenzo Zungu.
Lo mgcagco obusezinkundleni zemidlalo zaseMacambini, ngeSonto, bewuhanjelwe abaholi abahlukene okubalwa uMengameli we-IFP onguNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uSihlalo we-IFP onguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, iLungu lesiShayamthetho ,uMnuz Blessed Gwala, umsakazi woKhozi FM uNonhlanhla "Mroza Wangempela" Buthelezi, isihlabani somculo kamaskandi uThokozani "Somnandi" Langa nozakwabo uGadla Nxumalo.
Nomlingisi wefilimu i-Tales Of A Folk Dancer: Igidangoma, uLindokuhle "Qagela" Nxumalo, ubekhona. Amabutho abeholwa wuMdidiyeli wawo, uMnuz Sipho Mhlongo kanti abaNtwana baseNdlunkulu nabesifazane ebebevunule beconsa,…