UPHROJUSA wama-piano ongomunye wabangaconsi phansi kule ndima, uKelvin Momo uzophelezelwa yizilomo zamaciko angaconsi phansi emculweni we-house nama-piano, edilini lakhe lo mculo, i-Kelvin Momo Live Concert ezoba sePeople’s Park, eThekwini ngeSonto.
Kuleli dili lomculo elizobe liqala ukwenzeka kulo nyaka eThekwini, elizoqala ngo-4 ntambama, kuzonandisa amaciko okubalwa kuwona uSha Sha, Zee Nxumalo, Sykes, Distruction Boyz, Sphectacular & DJ Naves, Stixx, Benny Maverick, Earful Soul, Tycoon, Sino Msolo, Makhanj, Triple X Da Ghost, DJ Nel, DJ Feel, Man Q, Xola TSM, JNR De Rocka no-TBO.
UBenny Maverick we-One Man Concert, ehlela lo mcimbi uthe: “Abantu baseThekwini sebezibonakalise kaningi ukuthi bawuthanda kangakanani umculo, ngakho sibheke ukuthi leli dili libe yindlela yokukhombisa uthando ebantwini ngokuhlale beseka umculo kaKelvin.”
UKelvin uthe kumjabulisa kakhulu ukuthi lo mcimbi uzomnika ithuba lokuhlanganisa abathandi bomculo abehlukene, ukuzojabulela umculo wakhe abahlale…