SIMGCULISILE isigwebo sikadilikajele esinikwe umfowabo, owesilisa waseChesterville, eThekwini, kulandela ukulahlwa yicala lokuzama ukubulala indodana yakhe ngoba ethi uyamyala.
USduduzo Mavundla (29), ugixabezwe ngodilikajele yiNkantolo yesiFunda saseThekwini ngoMsombuluko, elahlwa yicala lokuzama ukubulala uMpendulo Msweli, owayeneminyaka eyisishiyagalolunye ngesikhathi kwenzeka isigameko ngoJanuwari 2024.
Uyise kaMpendulo, uMnuz Simingezwilenkosi Mavundla, uthe simjabulisile isigwebo, wathi unethemba lokuthi sizoyijabulisa nendodana yakhe.
“Sesizoke sihambe sikhululeke, lungekho uvalo lokuthi kungaphinde kwenzeke ishwa, ayenzakalise isibili indodana yami. Sikhululwa wukuthi okungenani, njengoba evalelwe nje, uyophuma ejele ingane yami isikhulile,” kusho uMavundla.
Ngosuku lwesigameko kuthiwa olahlwe yicala wayenga umgilwa, owayefike ngokuvakasha kubo kayise eChesterville, wathi abaye esitolo ayomthengela ama-chips. Kuthiwa wagcina ezibuyela yedwa emva kwesikhathi umgilwa engekho, kwathi uma ebuzwa ngaye, wathi yena umnike u-R2 ukuthi ayozithengela ama-chips esitolo, yena waqhubeka nenye indlela.
Kuthiwa umgilwa wacingwa yonke indawo, engatholakali, kwaze kwabikelwa amaphoyisa.…