EKUQUBUKE umsindo ngendawo entsha okuthiwa izovulwa wuDJ Bongz ngakubo KwaNdengezi, ePinetown, ngoJanuwari 31, iGwara Lifestyle. Igama lale ndawo lisuselwe emdansweni owaqhamuka nalo DJ iGwaragwara. UBongz ubebonakala nakuma-video asesabalele ezinkundleni zokuxhumana ekule ndawo, ehla enyuka.
Yize abanye beyithakasela indawo kodwa kunabakhala ngokungaholelwa kwabebesebenzela indawo yokucima ukoma kaDJ Bongz eseThekwini, iThe Views Night Club. Babuza ukuthi uBongz engayivula kanjani enye indawo ekubeni esakweleta imiholo yabanye?
Isolezwe libone isimemezelo sokuthi le ndawo izovulwa KwaNdengezi Shopping Centre, ngoJanuwari 31. Kulo mcimbi kuzobe kunandisa uDJ Bongz, Skillz, Goldmax, Fisherman, Inn, Captain, Sosha, Bullistic, DJ Tempo, Indaro, Lion & Melz DJs, Rama, DJ Electronic, Ringmasters, Priddy DJ, DJ Unique noDJ Bharman.
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaDJ Bongz ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela. Kwenzeka lokhu nje, abasebenzi baseThe Views Night Club bebesanda kukhala ngokuthi babe noKhisimusi noNcibijane…
