BESOLA umufi ngokuntshontshana nomkakhe umakhelwane ozinikele emaphoyiseni ngoLwesihlanu, ngelokubulala owesilisa waseCoffee Farm, KwaNdengezi, owaduka ngasekupheleni konyaka odlule.
Umufi, uMnuz Kholwani Cele (34) waduka ebuya emsebenzini kwaClover, eNorthdene, eQueensburgh, ngasekupheleni kuka-Okthoba nyakenye.
Kuthiwa umsolwa, ongumakhelwane, uzinikele emaphoyiseni aseMariannhill, ngoLwesihlanu, wagonyuluka ngokumbulala wase emphonsa emfuleni, uMngeni.
Ngokusho kukamfowabo, uMnuz Sbonelo Cele, bashayelwe ucingo umphenyi, ebatshela ngensumansumane kamakhelwane osefike wavuma icala lokubulala uKholwani.
“Kuthiwa uthe umbulalele ukuthi uthandana nomkakhe. Kuthiwa uveze nokuthi wayengeyedwa embulala, kukhona abanye besilisa ababili esibaziyo bendawo ayesizana nabo,” kusho uCele.
Uthe kubashaqisile lokhu ngoba umsolwa ungumuntu ongubaba ebebezwana naye njengomakhelwane.
“Ubefika ekhaya axoxe nathi sonke, ngisho naye uKholwani, bebejwayelene nje impela,” usho kanje.
Ushaye amakhala ngezinsolo zikamsolwa, wathi akakholwa ukuthi ziyiqiniso.
“Ubafo ubewumuntu ongenazimfihlo. Ubesixoxela singabafowabo ngempilo yakhe yezothando, ngisho ngabe into iyihlazo elinjani. Asikholwa ukuthi uma ibikhona eyokuthandana…
