OWESIFAZANE waseDoringkop, eStanger, uNksz Bonisile Hlongwane, akasabuthi quthu ubuthongo ngenxa yokungazi ukuthi indodana yakhe, uSthembiso Hlongwane (18), ukuziphi izinkalo selokhu wathathwa wulwandle lwaseMpangeni, eMpembeni, esigodini saseGubethuka, ngoMgqibelo, wangoJanuwari 3, emini yasekuseni.
"USthembiso wayehambe nabafowabo nabangani babo. Ngokuzwa kwami, ayengene nabo ababili baluthola usizo lokuhlengwa ngomunye wabo kodwa lona owami akasizakalanga. Uma ngibuza ukuthi kanjani, bathi abafowabo bangena bathi uma befika kuye bethi bayamubamba wavele waphela emehlweni. Washona phansi," kusho uNksz Hlongwane oyiNazaretha laseBuhleni.
UNksz Hlongwane uthe uyise womntwana waze wamfonela ngezithuba zabo-1 emini ngalo iSabatha.
"Kubuhlungu kakhulu ngomntwana wami njengoba engakatholakali namanje."
Uthe induna yendawo, amakhansela nemeya bazamile kodwa wangatholakala. Unxuse amaphoyisa afike nezinja ukuba azomcingisa indodana yakhe ngisho nasosebeni.
"Ngicela nezinhlambi ezizongena lapho angena khona (uSthembiso) bangicingise, mhlawumbe ucindezelekile phansi."
Owazibonela kwenzeka lesi sigameko, uSiphiwe Gumede, uthe wabizwa…
