IPHASE ngamalengiso intokazi egeze ubebebe womrepha uBig Zulu nezithameli kwiLast Dance Music Experience eRoyal Showgrounds eMgungundlovu, ngoNcibijane, u-Akhona Msimango.
Le ntokazi edabuka esigodini saseNkululeko, KwaSwayimani, izakhele udumo ngokucula noBig Zulu ingoma esihloko sithi Amacala Othando, ivala isikhala sika-Azana owayengekho kulo mcimbi.
Okuchaze nabantu abaningi ukuthi u-Akhona ubecashunwe engazelele ezihlweleni. U-Akhona uthe uphumelele ngeBachelor, emvumela ukuba ayofunda enyuvesi.
Ubefunda e-Edendale Technical High lapho abenza khona izifundo zeMathematics, Accounting, Economics, Life Science, IsiZulu, Life Orientation nesiNgisi.
"Ngifuna ukuyokwenza izifundo zeBachelor's in Accounting kunoma yisiphi isikhungo."
Ebuzwa ukuthi uzokwenzenjani ngekhono lokucula, uthe okwamanje akakazi noma uzothatha ikhefu kuwo agxile emsebenzini wesikole noma uzoncelisa amawele. U-Akhona uthe wayezizele kwiLast Dance Music Experience ebhiyozela ukuphela kuka-2025, kanti usezotonyulwa ezihlweleni nguBig Zulu.
Wangena esiteji wahlala enothini kwangathi ubefike ezilungiselele. Ekhuluma neSolezwe, u-Akhona wathi lokhu kwafana nephupho…