KUZOBANJWA uxhaxha lwemicimbi eyandulela uMkhosi waseSandlwana wakulo nyaka.
Imicimbi eyandulela uMkhosi waseSandlwana izoqala kuleli sonto ize iyophela emva komkhosi ozobanjelwa eNquthu, ngoJanuwari 22.
Imicimbi eyandulela uMkhosi waseSandlwana izobanjelwa ezifundeni iKing Cetshwayo, Zululand, bese iphothulwa esiFundeni uMzinyathi.
Lokhu kuhlaluke emhlanganweni wokulungiselela umkhosi obuhanjelwe uMphathiswa wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uMnuz Mntomuhle Khawula, abaNtwana baseNdlunkulu, amaButho, iMeya kaMasipala wesiFunda uMzinyathi, uNkk Thembisile Mchunu, nezinye izimeya ezingaphansi kwesifunda.
Imicimbi izoqala esifundeni iKing Cetshwayo.
Isitatimende esikhishwe umkhandlu siveze ukuthi imicimbi izoqala ngoLwesine.
Ngalolu suku kuzoyiwa eSikhaleni seNkosi, ePort Durnford.
Lapha kulapho iSilo uCetshwayo saphumela khona ngesikhathi sigibela umkhumbi, silibhekisa kwelamaNgisi siyisiboshwa.
Kuyokube sekudlulelwa eShowe, eFort Nonqayi, lapho kuzokuba khona nesifundo ngempilo yeSilo sasoNdini.
NgoLwesihlanu, kuzoyiwa edlinzeni likaJininindi omnyama eliseNkandla.
Ngomhlaka-19, kuzokhishwa ibutho laseZululand, elizolibhekisa eSandlwana, bese kuqala umlindelo.
UMasipala waseMzinyathi uthe kuzokuba nemidlalo eminingi ezokuba…