KUSIZE isangoma esihlabe umkhosi ngowesilisa ositshele ngokufa kwentombazane ebidukile, efuna ukugezwa ngenkani, maqede atholakala ngempela amathambo ayo emhosheni ePhezukomkhono, eMbumbulu, ngoLwesine.
UNhlalwenhle Magwaza (7) okwabikwa ukuthi waduka ebuya esitolo sendawo ngoNovemba 23, 2025, amathambo akhe atholwe emhosheni obonakalayo uma umi egcekeni kubo ngoLwesine.
Lokhu kuze emva kokuthi isihlobo sakhe esiwumsolwa, sinikele esangomeni ekuqaleni kwesonto eledlule, siyofuna ukugezwa sisuswe amathunzi, sikhala ngokungalali ngenxa yokuhlushwa nguyena. Ngokusho kwesihlobo, esicele ukungadalulwa, unina kamufi uthole ucingo emaphoyiseni ngoLwesine.
“Amyalele ukuba ehle aye emhosheni namalungu omndeni ambalwa ngoba ingane isitholakele,” kusho isihlobo. Sithe ngesikhathi befika lapho abebebizelwe khona, bakhangwe esisodwa sezicathulo, umufi anyamalala ezigqokile. Siveze ukuthi babe sebekhonjiswa amathambo abengasenazicubu.
“Abecakazeke yonke indawo. Ikhanda lile, izingalo, izimbambo nemilenze, kule nale. Kubukeka sengathi yagencwa ingane,” kusho isihlobo esithe basazolinda imiphumela yokuhlolwa kwawo, ukuze baphenduleke ukuthi ingane…