BAGIXABEZWE ngodilikajele abane umuntu emunye, abalisa ababili abalahlwe amacala okubulala abane okukhona kubo namaphoyisa omgwaqo amabili.
UNjabulo Mazibuko (33), Xolani Mlotshwa (32) noSiphelele Gwala (25) bagwetshwe yiNkantolo eNkulu yaseThekwini emva kokubathola benecala.
Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal uLieutenant Colonel Simphiwe Mhlongo uthe abasolwa babulala abafi ezigamekweni ezintathu ezehlukene.
Uthe esigamekweni esenzeka ngo-Agasti 26, 2022, bagasela egaraji laseSikhaleni, eMpangeni bahlasela onogada ababili.
"Badubula bebhekise konogada, babulala uMnuz Lucky Ntimbana (41) kwathi uzakwabo walimala, waphuthunyiswa esibhedlela," kusho uMhlongo, othe bobabili abagilwa baphucwa izibhamu zabo zomsebenzi. Uthe kwabe sekuvulwa icala lokubulala nelokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eSikhaleni.
Kwesesibili esenzeka ngo-Agasti 27, 2021 ePort Dunford, laba ababili badubula, babulala uConstable Nkosinathi Ngcobo (41) ngesikhathi esendleleni eyolanda uzakwabo. "Naye bamphuca isibhamu somsebenzi nomagazini ababili, ivest le-bullet proof, iselula, nejakhethi yamaphoyisa, base bebaleka endaweni yesigameko," kusho uMhlongo. Uthe uNgcobo…