MHLELI: INgonyama uDingane kaSenzangakhona, indunduma yaseMgungundlovu yabe izalwa uNdlunkulu uMpikase, intombi kaMlilela yaseMaqungebeni (uMaNgobese). Yaphaka impi ukuyolwa namaQadasi eNcome, ngo-16 kuZibandlela 1838.
Akuvamile ukukhulunywa ngale mpi ngamaqhawe alwa, amanye asala khona. Nemigubho yayo njengomkhosi weLembe nowaseSandlwana inqabile. Yinyanga lena okwachitheka ngayo igazi kwaZulu, amaqhawe evikela izwe futhi impi yokuqala eyaliwa yiNgonyama kaZulu ibhekene ngqo namagobamlomo.
UMapholoba kaNgomane Mdletshe, iNyosi uPhangwayo kaBhambula Mncwango noNhlangu kaNonkonkela Buthelezi owayezalwa oKaMklaluza waseMaMbatheni eNhlazatshe, bangamanye amaqhawe asala eNcome.
USohoyase kaNonkonkela, uMhadu kaMandeku Nxele, uKhangela ibutho, uNgubane kaNgomane uDlangezwa ibutho, uNkundleni kaNgomane uDlambedlu, uDedema kaNgomane, Ihlaba ibutho, ngamanye amaqhawe alwa eMpini yaseNcome abuya. UMhlazana kaNgomane, Ihlaba, noMagwaza weNkosi uSenzangakhona ababuyanga eNcome.
Maningi kakhulu amadodana kaNdunankulu uNgomane kaMqomboyi waseZisayini, alwa eNcome asala khona. Ngamaqhawe ezinye izibongo oNdima wakwaXulu uDlambedlu lwasoGegethekeni, noGwayiza kaNdlovu, iMpohlo ibutho kwaMndaba eKubonakayeni, eNdondwane,…