QEMBU lombhoxo lasePitoli elidonsa kanzima, iVodacom Bulls, lizolekelelwa ngabaqeqeshi beqembu lesizwe, amaBhokobhoko, ukuze lizame ukulungisa izindlela zalo.
Inhlangano eyengamele umbhoxo kuleli, iSA Rugby, iqinisekise ukuthi abaqeqeshi bamaBhokobhoko, uFelix Jones, Jerry Flannery, Duane Vermeulen no-Andy Edwards, bazosiza iBulls okwesikhashana.
Ngokwesitatimende esikhishwe yiSA Rugby, leli qembu lifake isicelo ngemuva kokuhlulwa imidlalo emihlanu ilandelana emiqhudelwaneni emibili elidlala kuyona, i-United Rugby Championship ne-European Champions Cup.
Kowakamuva we-URC, iBulls inqotshwe yiHollywoodbets Sharks ngo 21-12 eThekwini.
"Sisebenzisana nawo wonke amaqembu akuleli futhi uma ecela usizo siyazama ukusiza lapho singakwazi khona. Uma amaqembu ethu eqinile kwenza ukuthi iqembu lesizwe nalo liqine kakhulu, yingakho sonke silusukumele lolu daba,” usho kanje umqeqeshi wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus.
IBulls iphinde yenza izinguquko ethimbeni layo labaqeqeshi idedela amaphini amabili omqeqeshi uJohan Ackermann, okungu-Andries Bekker noChris Rossouw. U-Ackermann usezozibambela ekuqeqesheni abadlali baphambili, uNeil de…