KWENZEKE okungajwayelekile ngeSonto, usoseshini wamatekisi ahambela eVerulam, Ndwedwe, Thekwini, Thongathi naKwaDukuza, uklomelisa abashayeli abawuphatha ngesinono umsebenzi wokuthutha abagibeli.
Kulo mcimbi obuseVerulam, kuklonyeliswe abaphumelele ngokuvotelwa abagibeli, ngezindondo, izitifiketi nango-R1 000 umunxa ngamunye, ukuze abaphume phambili bajabule.
UNkk Thandeka Luthuli weZamukulungisa Taxi Association uthe le miklomelo baqale ukuyenza nyakenye, ukuzama ukuqinisekisa ukuthi abashayeli bawuphatha kahle umsebenzi, babagqugquzela ukuthi bahlanzeke, bahloniphe abagibeli, bazithande bese beziphatha kahle.
“Mihlanu iminxa ebibekiwe. Kuyona kukhona owomshayeli ohlanzekile, imoto ehlanzekile, umshayeli ohloniphayo, imenenja yaserenki ehlanzekile kanjalo nemenenja ewuphatha kahle umsebenzi,” kusho uNkk Luthuli.
Uthe njengoba sekuwunyaka wesibili beklomelisa labo abaphume phambili bahlose ukuthi lokhu kugcine kuba yinto enkulu ngokuthi babaklomelise ngezinto ezinkulu, baphinde babacije ngamanye amakhono njengokukhanda izimoto ukuze bathuthuke, wathi abaphume phambili bakhethwe abagibeli njengoba emasontweni amathathu edlule befake ekhasini labo leFacebook ukuthi abavote.
“Naserenki besibeke ibhokisi…
