UBONA ikusasa lakhe liqhakazile emkhakheni wokulingisa umlingisi uDineo Rasedile, okuzothi ngenyanga ezayo abonakale elingisa indawo kaGugu Mabaso emdlalweni othi Law, Love & Betrayal.
Lo mdlalo ozoqala ngeSonto ngo-9 ebusuku, kulindeleke ukuthi isizini yawo yesibili yona ibonakale ngonyaka ozayo, nayo esiqalile ukushuthwa.
Echaza ngalo mdlalo, uDineo uveze ukuthi uzogxila kakhulu kwezomthetho, ukungathembeki kwabashadile abazithole besebudlelwaneni obuhlukene.
"UGugu ungowesifazane osemncane okhulele elokishini futhi ongummeli, uzithola ehlangana nomndeni ohlukene phakathi onefemu yabameli, iGumede & Associates, esendaweni iSandton. Le ntokazi esencane ekufunayo ukuthi ikhule emkhakheni ewufundele kanzima kodwa izinto azihambi ngendlela yayo ifika kule femu, njengoba ithola ukuthi kulezi zindonga ezinhle esingene kuzo kugcwele izimfihlo zomndeni, amanga, abantu abangenazwela nokungathembani," kusho uDineo.
Uthe ngalesi sikhathi uGugu esazama ukubona okwenzakalayo, ugcina esezithola naye engene shi ezintweni ezimbi, nasezimfihlweni ezinzima zalo mndeni nezibeka ikusasa lakhe engcupheni…