MHLELI: Ngicabanga ukuthi iningi lezakhamuzi zezwe lakithi esezibe yizisulu zakho konke ukuhlukukumezeka ongakucabanga, kubandakanya ukugqekezelwa, ukudlwengulwa, ukuphangwa impahla yazo, ukubulawa nokunye, ziphendulekile ngemidlinzo nemibuzo yeminyaka ebizihlupha zingenakuphendulwa.
IKhomishini ka Madlanga yenze kwacaca bha ukuthi kungani abantu beboshwa baphume ngakusasa noma ngelanga elilandelayo ngezizathu ezingacacile.
Abanye balaba - hhayi bonke, amaphoyisa, abashushisi, izimantshi, amajaji, izikhulu zamaphoyisa ngokuhlukana kwezikhundla zabo, amasekela okhomishana, ongqongqoshe, kuye esicongweni - bebeyingxenye yokuthamba kwemithetho ngenxa yokuthi bebedla phezu kwezindodla zemali abayiholayo.
Ezinye ezivela kuyo iKhomishini azikholakali, ziyashaqisa, ngeke ngisho lutho ngazo. Kuyethusa ukuthi amaphoyisa ayeyobopha u-KT Molefe aphazanyiswa oKlebe ngenhloso yokumvikela.
OKlebe wuphiko izakhamuzi zezwe ezithembele kulo kakhulu, kodwa okuvela ngalolu phiko kushaqise izwe. Okunye engifisa basihlaziyele khona oMnuz Zakhele Ndlovu, Solwazi Musa Zulu noSolwazi Bheki Mngomezulu nabanye abahlaziyi wukuthi kuhamba kanjani nxa ngisolwa ngobugebengu ngithathwe ngaleso…