USOLWA ukuthi ubengafuni ukwaliwa owesilisa waseCato Manor, eThekwini, okuthiwa udubule, wabulala owesifazane wasePort Shepstone, obeqashe kule ndawo.
Kulesi sigameko esenzeke ngeSonto, kubulawe ngesihluku uNksz Nthabiseng Ncanane (34), edutshulwa kaningi obeyisoka lakhe, ekotishini abeqashe kulo.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele indawo yesigameko izolo, emva kokuzwa ngesigameko lifice umastende, uNkk Makhosi Nkosi, ezinyaziswe amalungu ambalwa omphakathi.
Uthe ubekhona kwenzeka isigameko, yize engakuzwanga ukuqhuma kwesibhamu.
“Ngithunyelwe umyalezo yisiqashi esihlala ekotishini elisondelene nelikamufi, sithi sizwa umuntu ekhala, kuqhuma nesibhamu,” kusho uNkk Nkosi.
Uthe uye kobheka, wangqongqoza kuzo zonke izindlu kodwa kwangasabela muntu. Uthe uze wamthumelela umyalezo umufi kodwa wangawuphendula.
“Ngijikele ewindini elingemumva, ngalunguza, nokuyilapho engibone khona uNthabi elele phansi, ingalo igaxeke embhedeni,” usho kanje.
Uthe ubize abesilisa ababe nesibindi sokungena babona ukuthi udutshulwe, wafa.
Omunye walabo besilisa, uMnuz Sabelo Nzama, uthe bakubona masinyane ukuthi enye…
