ZWAKALISE okukhulu ukugculiseka ngomsebenzi wethimba lePolitical Killings Task Team (PKTT) kanjalo nelabashushisi umndeni webambabukhosi lesizwe saKwaXimba, ngaseCato Ridge, elabulawa ngesihluku, kugwetshwa enye yezinkabi ngeledlule.
Lokhu kuvele emva kokuthi iNkantolo yesiFunda saseCamperdown, igwebe uMnuz Nhlanhla Hlongwa (31) iminyaka engu-15 ebhadla ejele ngecala lokubulala umufi, uMnuz Zibuse Mlaba.
UMlaba owake waba yiphini likasihlalo we-ANC KwaZulu-Natal, aphinde abe lilungu layo esiShayamthetho sesifundazwe, wadutshulwa wafa ngaphandle kwehhovisi lakhe, ezakhweni iWareing, eCato Ridge, ngo-Okthoba 2021.
UHlongwa ugwetshwa nje, ubeqeda kuvuma icala lokuthi naye wabamba iqhaza ekubulaweni kukaMlaba.
Indodakazi kaZibuse, uNksz Mandisa Mlaba, ithe bajabule ukubona inqubekela phambili ecaleni, yathi bayawushayela ihlombe umsebenzi owenziwe yithimba ngokubambisana.
Uthe i-PKTT ifike kubona ngo-Ephreli nyakenye, emva kokuthatha idokodo.
“Umsebenzi wayo ubonakele ngoba sekugwetshwe ababili, kanti nosolwa ngokuba ngungqondongqondo waboshwa,” kusho uNksz Mlaba.
Uthe ngaphambi kokuba i-PKTT iqale ukusebenza icala,…