MNDENI wabasolwa abathathu kwabane bakwa-E eNtuzuma, ukhala ngokujikelwa amaphoyisa esiswini njengotshwala, emva kokuthi bebekwe icala lokubulala "iphara".
Abasolwa, okukhona kubo inhloko yekhaya, amadodana amabili nomakhelwane, bebevele eNkantolo yeMantshi yaseNtuzuma, ngoMsombuluko, ngecala lokubulala umufi obedume ngelikaNqo.
Basolwa ngecala lokubulala owesilisa wasemijondolo engaphesheya kwaka-E, eyaziwa ngokuthi yiseSoweto, okuthiwa washaywa kanzima wumphakathi owawusukhathele ukuhlushwa wuye ngenyanga edlule.
Kuthiwa umufi washonela emtholampilo aphuthunyiswa kuwo emva kwesigameko.
Abasolwa, oMnuz Sbusiso Jali (64), Siyabonga Jali (27), Nkanyiso Jali (25) noSandile Dlamini, ababoshwe ngoLwesine, bebevele okokuqala kule nkantolo ngoMsombuluko.
Badedelwe ngebheyili ka-R1 500 umuntu emunye, icala lahlehliselwa uDisemba 10.
Silandisa ngesigameko isihlobo sabasolwa, uNksz Maxoli Jali, sithe ngosuku lwesigameko umufi wayesengene kathathu endlini yakubo yokugcina amasiko engulawondi, weba impahla.
Uthe okokuqala, weba ngempumelelo ikesi likabhiya nebhodlela likagologo. Uthe wabuya isibili, wathatha ama-battery emoto.
“Kuthe esebuya isithathu,…