MEHLO azobe ethe njo kumqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree, ukuthi uzobabophela yini abadlali abaqhamuka eqenjini lesizwe uma esememezela iqembu lakhe elizodlala olandelayo we-United Rugby Championship.
ISharks isidlale imidlalo emibili kwi-URC kule sizini, yomibili phesheya. Kowokuqala ishaywe yiGlasgow Warriors ngo 35-19 eScotland, kwathi ngoLwesihlanu yadlala ngokulingana ngo 17-17 neDragons eWales.
Iqembu likaPlumtree lizobhekana neLeinster yase-Ireland e-Aviva Stadium, eDublin, ngoMgqibelo ngo-6.30 ntambama.
Akukacaci okwamanje ukuthi bangaki abadlali abebesekhempini yamaBhokobhoko abazosetshenziswa kulo mdlalo neqembu elivikela isicoco kodwa elingaqalanga kahle kule sizini.
Abadlali baphambili u-Eben Etzebeth, Vincent Koch, Siya Kolisi, Bongi Mbonambi, Ox Nche nabasemuva njengo-Andre Esterhuizen, Ethan Hooker, Makazole Mapimpi noGrant Williams bebeyingxenye yeqembu lesizwe eliqukule indebe yeRugby Championship eTwickenham Stadium, eLondon, ngoMgqibelo.
Kungenzeka ukuthi abadlali abangadlalanga emidlalweni yakamuva kwiRugby Championship okubalwa kubona uMapimpi, Williams, Esterhuizen, Koch noMbonambi bafakwe kwelizodudulana neLeinster, abanye babonakale…