NGCABHA isele nePhalamende ngokuthi igunyaze noma isichithe isabelomali esethulwe nguNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, okunemvunge ngaso ngenxa yokunyuswa kwe-VAT.
IPhalamende linamandla okusibuyisela emuva lesi sabelomali kwiKhabhinethi, ukuze sibuyekezwe.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe eHhovisi likaMengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni, othe uma kwenzeka sigcina sichithwa unomphela lesi sabelomali, zikhona ezinye izindlela ezizokwenziwa.
"Konke sekulele ePhalamende ngoba yilona elivotela isabelomali. Lingasichitha, sibuyele emuva kwiKhabhinethi ukuze sibuyekezwe kabusha noma sigunyazwe siqale ukusebenza. Uma sigcina sichithwa unomphela, kuzosetshenziswa isabelomali esidala, esagunyazwa yiPhalemende ngonyaka odlule, kuze kube kuvotelwa isabelomali esisha," kusho uNksz Ntshavheni ekhuluma esithangamini nabezindaba izolo ngemuva komhlangano weKhabhinethi eKapa.
Usho kanje kulandela ukuthi amanye amaqembu okubalwa i-DA, EFF, MK namanye echithe isabelomali athi ngeke asivotele ePhalamende, ekhala ngokunyuswa kwe-VAT.
Amaqembu okubalwa i-UDM, IFP namanye athe 5azoseseka isabelomali.
UNksz Ntshavheni usole i-DA ngokudlala ipolitiki ngokuchitha isitatimende sikaGodongwana.…