INGWAZI yomculo kamaskandi, uThokozani "Somnandi" Langa, ihluleke ukuzibamba ithola izindaba zokuthi ingomunye wamaciko akuleli amele iNingizimu Afrika kuma-All Africa Music Awards (Afrima) aseDakar, eSenegal, ngoLwesine.
USomnandi uqokwe emkhakheni we-Afrimma Best Traditional Artist futhi uqhathwe nezihlabani zasemazweni ase-Afrika okungoSholo Wamba waseTanzania, Kcee waseNigeria, Mrisho Mpoto waseTanzania, Manamba Kante waseGuinea, Oumou Sangare waseMali, Betty G wase-Ethopia noNii Tettey Tetteh waseGhana.
USomnandi wasoLundi, umangele ezwa lezi zindaba ngoba ethi ubengakaze wahletshelwa wumuntu.
"Ngijabule kakhulu, lokhu kuveza iqiniso elifihlekile ngoba thina esibadala kukhona abantu abasithatha ngenye indlela. Mina ngibhala umculo okhuluma ngqo nabantu, angiculeli ukubukwa ezinkundleni zokuxhumana.
Kuyangithokozisa ukubona abantu abanesineke sokulalela umculo ongaphelelwa isikhathi, oyothokozelwa nayizizukulwane ezizayo", kusho uSomnandi osanda kukhipha i-albhamu esihloko sithi Ukhiye We-coldroom futhi oseke wanqoba kaningi kumaSouth African Music Awards (Sama) nakumaSouth African Traditional Music Achievement (Satma) Awards eminyakeni…