EYIDLA imbuya ngothi inkakha yomlingisi esihamba ngesihlalo esinamasondo emuva kweminyaka ewu-53 iyibambile insimbi ishisa kule ndima.
UNandi (74) uselingise emidlalweni eminingi yethelevishini okubalwa kuyo iGenerations, Muvhango, Yizo Yizo, Izoso Connexion, Jacob's Cross, Soul Buddyz, Hillside, Erfsondes, 4Play: Sex Tips for Girls, Sticks and Stones, Isibaya, Isithunzi, The Road, Ashes To Ashes, Isithembiso, House of Zwide, Icala neminye.
Emafilimini kubalwa iThe No.1 Ladies' Detective Agency, Yesterday, Reasonable Man neSaturday Night at the Palace. Lo mlingisi uphumele obala ngesikhathi ezonikelelwa yinhlangano engenzi nzuzo, iRise AbOVE Normal.
Uthe usehlale ekwi-wheelchair ngenxa yokuthi uswele imali yokwelashwa.
"Ngigulelwe wumfana, wacishe wafa. Ngamyisa esibhedlela. Ngamkhokhela uR88 000 njengoba ubona ngihleli ngingenamali."
Uthe okumenza angakwazi ukuba ne-medical aid ukuthi akakwazi ukuyikhokhela zinyanga zonke ngenxa yokuthi akasebenzi.
"Uzoyithola kanjani i-medical aid ungenamali. Noma umuntu ubengathola eshibhile kodwa uzoyikhokhela…
