ZINIO UNLIMITED logo

Isolezwe

2021-12-01

Isolezwe is a modern Zulu language newspaper that champions the reading needs of its audience. It is created daily by a team that understands and delivers on the interest and aspirations of its readers. The newspaper is modern in format, topical and relevant in content and independently broad minded in its reporting and commentary. It is a newspaper that targets readers identify with and are proud of. The full spectrum of local, national and international subject matter is covered – news, business, sport, entertainment and classifieds.

Country:
South Africa
Language:
English
Publisher:
Independent Media Pty Ltd
Frequency:
Daily
$9.99 per month after trial

in this issue

1 min
kubuya izinhlelo ezihlabahlosile ngonyaka ozayo kwidstv

Nokubongwa Phenyane ZINHLELO ezenza kahle kwiDStv yizona osekuqinisekisiwe ukuthi zikhuza ibuya ngonyaka ozayo kulesi siteshi. Lokhu kuvele esithangamini nabezindaba ebesenziwe abakwaMultichoice ngenjongo yokwethula izinhlelo ezintsha ezizoqala kule nyanga nangonyaka ozayo. Yize zingeziningi izinhlelo abazivezile ukuthi ziyabuya kodwa uYolisa Phahle oyisikhulu sakwaMultichoice kuleli uveze ukuthi kukhona abangafuni ukuzimemezela njengoba besematasa nabanikazi bazo abakafinyeleli emaphethelweni. Kodwa kwaziqinisekisile kukhona uhlelo oluqoshwa eThekwini iThe Real Housewives of Durban, Survivor South Africa nohlelo iBig Brother Mzansi. Lezi zinhlelo zontathu uthe zizobonakala eziteshini zabo uma kuqala unyaka. “ISurvivor iyaqhubeka nokusimangaza yingakho singachithanga sikhathi sakhetha ukuthi isheshe ibuye nje uma kuqala unyaka. Kuningi-ke abantu abangakulindela kulolu hlelo njengoba kuzoba khona okushintshile, esithemba ukuthi abantu bazokuthakasela. Besingathembi ukuthi abantu bazoyijabulela isizini edlule eqoshwe kuleli. Kodwa manje amaphaphu ehlile ngoba sibonile ukuthi konke kube yimpumelelo asisenalo ukhwantalala lokuthi kumele…

20211201_pic1002390576.jpg
1 min
iqubule imvunge ngokucwasa imr bones 3

Nokubongwa Phenyane ABALINGISI okukhona kubo uTumi Morake noJerry Mofokeng, bangabanye abazobonakala kwifilimu entsha kaLeon Schuster nozakwabo u-Alfred “Shorty” Ntombela ethi Mr Bones 3. NgoMsombuluko, abakwaSter-Kinekor bafake amazwibela ale filimu, baveza ukuthi izophuma ngo-Ephreli 15 wonyaka ozayo. I-Mr Bones 3 izothatha ababukeli bayo ibayise endaweni yaseKuvukiland, nalapho uMr Bones esewubaba khona. Ngokwamazwibela, uzobe esiza indodana yakhe ifunde izinto eziningi ezenzeka lapho behlala khona. Kube nemibono ehlukene kuvela izindaba zokubuya kwale filimu njengoba kuke kwaba khona imvunge ngokuthi amanye amafilimu kaSchuster acwasa ngokwebala. Lokhu kwaholela ekutheni isiteshi iShowmax siwakhiphe amafilimu akhe ayekhona, njengoba abantu babekhala ngokuthi awangabe esabukwa. Namanje kkumenyezelwa ukubuya kukaMr Bones iqubukile le mvunge, baphawula kanje ezinkundlani zokuxhumana. URudzani Courage Khomola uthe: “Abantu ngiyabona bayaphawula ngokubuya kwale filimu kodwa ngo-Ephreli izibalo zizobe ziphezulu abantu beyibuka.” UReal Elvis…

20211201_pic1002390818.jpg
1 min
usehlukene nokuculela abanye uputuma

Fanelesibonge Bengu UMCULI wowokholo, uPutuma Tiso, ogqame ngokulekelela abaculi abaningi ngephimbo lakhe, uthi phinde abuyele esiteji eyokwenza lowo msebenzi. UPutuma ugqame kakhulu ngokusebenza noRebecca Malope, Benjamin Dube, Sfiso Ncwane nabanye abaningi, ecula ngemuva ezingomeni zabo uma beqopha estudiyo noma sebecula bukhoma. “Sengiyishiye phansi leyo nto manje. Mhlawumbe kungaya ngokuthi ungubani, ngikusize estudyo kuphela kodwa ukuthi ngiye esteji khohlwa, noma ngabe ungubani. Ngizoya esteji uma ngipikiwe kuphela kuleyo ngoma,” kusho lo mculi odabuka eGqeberha. Uthe kukhona abanye abasamcela ukuthi abasize kuma-albhamu abo kodwa uyenqaba. “Sengiyidlalile indima yami, sekuyisikhathi sokuthi kungene abanye manje.” UPutuma uthe ugxile ekuculeni ngokuzimela futhi usanda kukhipha ne-albhamu yakhe entsha, iSacred Moments, ayikhiphe enkampanini yakhe, iPutuma Productions. “Ngiziphethe ngoba yonke into ilula kulezi zinsuku. Ngeke ngimeluleke omunye umculi ukuthi asayinwe ngenye inkampani ngoba uthola ukuthi wenza umsebenzi omningi…

20211201_pic1002390924.jpg
1 min
ibhekwe ngabomvu ingxoxo kamac g nojub jub

Nokubongwa Phenyane noMcebo Mpungose LUBHEKWE ngabomvu uhlelo oseludonse amehlo abaningi kuleli iPodcast with Mac G, oluzokhonjiswa kwiChannel O (320), namhlanje ngo-9.30 ebusuku. Lokhu kulandela ukuthi kuvezwe amazwibela alolu hlelo, bekhuluma nomethuli wohlelo Uyajola 9/9, kwiMoja Love, uJub Jub. Kulawa mazwibela kubonakala uJub Jub ethi uzokhuluma iqiniso lonke futhi akanendaba nokuthi abantu bazodinwa njengoba ebazela ukungcola osaziwayo abaningi bakuleli. Inkulumo yakhe ilethe isasasa kubantu bakuleli njengoba bethe bese kuyisiyikhathi sokuthi uJub Jub avule isifuba sakhe ngoKelly Khumalo njengoba yena eselihudulele phansi kakhulu igama lakhe. Nokho-ke kungenzeka uJub Jub azidonsele amanzi ngomsele njengoba elibeke ngembaba elokuthi uKelly usebenzisa umuthi. “Thina sonke esijola noKelly siyafa. Sonke siyafa noma kwenzeke okunye... wonke umuntu uyazi ukuthi uKelly usebenzisa umuthi,” uzwakale esho kanje uJub Jub kumazwibela. Kulindeleke ukuthi ageqe amagula ngempilo yakhe uJub Jub kulesi siqephu.…

20211201_pic1002391160.jpg
1 min
basola inkantolo ngokulwa izimpi zepolitiki

Simphiwe Ngubane BALANDELI bowayeyimeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, izolo baqhamuke nezinsolo ezithi uMbuso usebenza nezinkantolo ukulwa izimpi zepolitiki. UNkk Gumede ubevele eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngecala elithinta izinsolo zokungahanjiswa ngendlela efanele kwithenda kadoti kaR430 million. Inkantolo ilihlehlisele uMashi 29 ngonyaka ozayo icala. Ithe ukuhlehliswa kwecala kwenzelwa ukuthi uMbuso nethimba labamele abamangalelwa bashintshisane ngemininingwane yecala esasele. Ngalokhu kugwenywa ukuthi kungabi bikho ukubambezeleka uma sekuqala ukuqulwa kwecala okuhlelelwe uJulayi ngonyaka ozayo. UMbuso uthe ukulungele ukuqulwa kwecala. UMnuz Ntando Khuzwayo, ongumkhulumeli wabalandeli bakaNkk Gumede, uthe kubaphathe kabi ukuvalelwa ngaphandle kwenkantolo kwabezindaba nabebezokweseka lo mholi. Uthe ngesikhathi sokuboshwa kukaNkk Gumede, kwakundiza abezindaba emzini wakhe ngenhloso yokwakha isithombe sokuthi ungcolile kodwa manje uma sekumele kuvezwe amaqiniso enkantolo, abezindaba bakhishelwa ngaphandle. “Unyaka u-2022 ubalulekile ngoba ngowokuhlala kwezingqungquthela. UMbuso ufuna ukuvimba abantu abathile, usebenzisa izinkantolo, bangakwazi ukukhetha noma…

20211201_pic1002390881.jpg
1 min
lihlehlile icala lowayewumphathi wamaphoyisa kwazulu-natal

SIMPHIWE NGUBANE LIHLEHLISELWE uMeyi 4 wangonyaka ozayo icala lenkohlakalo, ukukhwabanisa nokushintshana ngemali ngokungemthetho elithinta ithenda kaR47 million elibhekene nowayengukhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal, uNkk Mmamonnye Ngobeni, nabanye. Kwabagqigqa enkantolo ngaleli cala ngumsolwa wokuqala ongusomabhizinisi, uMnuz Thoshan Panday, uNkk Ngobeni, nababengamaphoyisa, uColonel Navin Madhoe noCaptain Aswin Narainpersad. Bavele eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo. UPanday ungaphandle ngebheyili kaR100 000, uNkk Ngobeni ngekaR20 000 kuthi uMadhoe noNarainpersad babe ngaphandle ngekaR10 000 umuntu emunye. Icala labo lithinta ithenda yezindawo okwakuhlaliswe kuzo amaphoyisa KwaZulu-Natal ngesikhathi seNdebe yoMhlaba ka-2010. Okhulumela uphiko lwabaphenyi, i-Investigative Directorate (ID), lweNational Prosecuting Authority (NPA), uNksz Sindisiwe Seboka, uthe uMbuso ucelwe ukuba uhlinzeke ithimba elimele abasolwa ngemininingwane ethile ungakashayi uMashi 29. Uqhube wathi uPanday ufuna ukufaka isicelo sokuthi inkantolo ixegise imibandela yakhe yebheyili khona ezokwazi ukuhambela ezinye izindawo kodwa uMbuso uthi uzophikisana nalesi sicelo.…

20211201_pic1002391085.jpg