BENEZINYANGA eziyisishiyagalombili ekhulelwe owesifazane waseLindelani, eMzinto, okuthiwa ubulawe kanye nodadewabo, bedutshulwa uyise wezingane zakhe ngeSonto.
Umsolwa, uMnuz Nkanyiso Shezi, ogcine ngokuzingqokloza naye, uphinde wadubula nomunye umakhelwane, okumanje kuthiwa usesimeni esibucayi esibhedlela.
Isidumbu sikaNksz Nandipha Lifana (33), esikadadewabo omncane uNksz Nangamso Lifana (29) nesikaShezi zitholwe zidindilize ndawonye emjondolo obuhlala laba besifazane.
Kuvela ukuthi uShezi, obeyinkunzi yohlobo, wenza lesi sehlakalo nje, endlini yakhe kubo, ushiye owesifazane, naye obekhulewe ingane yakhe.
Udadewabo wabesifazane, uNksz Nozuko Dlabom utshele Isolezwe ukuthi basola ukuthi umsolwa ubulale uNandipha edinwa ukuthi ngesikhathi emala, emva kwesikhashana emkhulelise ingane yesine, (uNandipha) wavele wangamlwisa.
“UNandipha wayedinwa ukuthi owesifazane amalela yena, umngani wakhe omkhulu, wakhona endaweni. Okusho ukuthi wayelindele ukuthi uzolwa, wavele wakhetha ukuzithulela,” kusho uNksz Dlabom.
Uqhube wathi njengoba ebesemkhulelise eyesine, kukhona ezinye ezimbili eziphilayo, eneminyaka engu-15 neneminyaka engu-10, kuthi ebingumagcino,…