UTHWALE kanzima umthwebuli weSolezwe enkonzweni yemigcagco kaJanuwari, ebandleni lakwaShembe, eBuhleni, eNanda, izolo.
Umthwebuli, uDoctor Ngcobo obese kuphele amahora amabili ethwebula izithombe zobekuqhubeka, ujikelwe esiswini njengotshwala omunye wabefundisi, ophume naye iqhubu.
Ngokusho komthombo, okhona ngaphakathi ebandleni, uNgcobo uze waguqiswa phansi maqede umfundisi, wamemeza ngombhobho, ethi: “Size simthole umuntu ocekela phansi isithunzi sebandla.”
Kuvela ukuthi lo mfundisi ubesho lokhu kulandela ukugxekwa kwaleli bandla ngesikhathi esifanayo nyakenye, kusabalala ezinkundleni zokuxhumana izithombe zabakhwenyana asebekhulile nomakoti abasebancane.
Kuthiwa lo mfundisi usole lo mthwebuli, ethi nguye oyimbangela yakho konke ukugxekwa ibandla elangena kukho. Kuvela ukuthi akagcinanga nje ngokuhhahhamezwa nangokushawodwa eguqiswe phansi, ubuye wacinyiswa zonke izithombe abese zithwebulile, kwathathwa nemininingwane yakhe okuhlanganisa nenombolo kamazisi.
Nakuba uphume engenamyocu, usizwe ezinye izingwevu zebandla, ezimzwele zamphelezela esehamba.
UMhleli weSolezwe, uMnuz Thulani Mbatha, uthe ukuphatheka kwentatheli ngalolu hlobo kube yishwa ebelingagwemeka.…