GCWALE ngaphakathi eNkantolo yeMantshi yasePinetown, waze wasala ngaphandle umphakathi waseCoffee Farm, KwaNdengezi, obuwotha ubomvu, kuvela umakhelwane osolwa ngokubulala omunye izolo.
UMnuz Sibongiseni Johannes Mbhele uvele enkantolo ngecala lokubulala umakhelwane wakhe uMnuz Kholwani Cele (34) ngo-Okthoba 23 nyakenye, emsola ngokuthandana nomkakhe.
UCele ubelokhu abikwa njengomuntu odukile kulandela ukuthi engabuyanga ekhaya kade eye emsebenzini eNorthdene, eQueensburgh, ngosuku lwesigameko.
Kuvele ngoLwesihlanu, ukuthi wenzakaliswa uMbhele nabanye besilisa ababili bendawo, emva kokuthi uMbhele ezinikele emaphoyiseni aseMariannhill, wafike wagonyuluka ngokwenza icala. Kuthiwa egonyuluka, utshele amaphoyisa ukuthi bambulala bambelethisa itshe, bamphonsa emfuleni uMngeni, ngaseSpringfield.
Ngesikhathi evela phambi kwenkantolo, umshushisi woMbuso, uMnuz Sfiso Mtshali, utshele inkantolo ukuthi bazosiphikisa isicelo sebheyili.
Uveze ukuthi bewuMbuso basalinde incwadi efungelwe kamphenyi wecala, uDetective Sibongiseni Mbonambi.
“Alikabi bikho nekheli eliqinisekisiwe umsolwa angaphuma ayohlala kulo uma kwenzeka ededelwa ngebheyili,” kusho uMtshali.
Ummeli kamsolwa uthe…