KANAVALO lokuthi iMelika ingahlasela elakuleli, uMengameli Cyril Ramaphosa, njengoba muva nje uhulumeni kaMengameli Donald Trump, uhlasela amazwe ahlukene.
URamaphosa obekhuluma nabezindaba ngemuva kwesikhumbuzo somholi weSACP ongasekho uMnuz Joe Slovo izolo, eSoweto, uthe akanavalo lokuthi iMelika ingase ihlasele elakuleli kulandela ukugasela eVenezuela, lapho ishaqe uMengameli wakhona, uMnuz Nicolas Maduro, yabopha nowakwakhe.
"Angithukile ukuthi uhulumeni kaMengameli Donald Trump ungasihlasela. Asihambisani nakwenze eVenezuela, akudedelwe ngokushesha umengameli wakhona nowakwakhe," usho kanje.
Kuyaziwa ukuthi uTrump akayiziswisi kahle indaba yakuleli, kulandela izinsolo zokuthi kuhlukunyezwa abalimi abamhlophe okuthathwa umhlaba wabo ngendlakadla.
Lucace bha uqhekeko kulesi sikhumbuzo ngesikhathi isigejana samalungu amaKhomanisi, ecula ingoma ethi awayifuni iGNU, ngesikhathi sekuzokhuluma uRamaphosa.
Kudingeke ukuthi iPhini likaSihlalo wamaKhomanisi, uMnuz Thulas Nxesi, lincenge lesi sigejana ukuthi noma singayifuni iGNU kodwa asivumele uRamaphosa akhulume.
"Noma ningayifuni iGNU, yekelani uMengameli we-ANC ukuthi athule inkulumo. Ningenzi…