UZIZWA ukhululekile umndeni womfana (9) waseNtuzuma, eThekwini, kulandela ukubanjwa kukayise omdala owabalekela icala lokuzama ukumbulala maphakathi nonyaka odlule emva kokudedelwa ngebheyili ngoJanuwari ngonyaka odlule.
Umsolwa, uMnuz Sduduzo Mavundla (29) waseChesterville, eThekwini, ubanjwe amaphoyisa aseNorth West ngoLwesibili lapho abebhace khona maqede wavela kafishane eNkantolo yeMantshi yaseThekwini izolo. Icala lakhe libe selihlehliselwa uMsombuluko.
Usolwa ngecala lokuzama ukubulala nelokushaya ingane yomfowabo ngasekuqaleni kukaJanuwari ngonyaka odlule. Waboshwa emva kwesigameko, wavela enkantolo, wadedelwa ngebheyili, wagcina esebaleka eyobhaca eNorth West.
Isolezwe likhuluma noninakhulu womgilwa, uNkk Veronica Msweli, uthe ayikho into ebajabulise njengokuthola ucingo obelubazisa ukuthi umsolwa usebanjiwe.
“Sibonga abezindaba ngokusabalalisa ukuthi ufunwa amaphoyisa, wagcina ebanjiwe,” kusho uNkk Msweli.
Uthe asebekubhekile manje wukuthi umsolwa abhekane namacala akhe.
“Sifuna ukubona liqala liqulwa icala lakhe bese eyagwetshwa, anikwe isijeziso esimfanele,” kusho uNkk Msweli.
Ukhale ngokuthi ohlwini lwamacala abekwa umsolwa…